Kuboshwe indoda eLimpopo 'ngokubulala' unkosikazi

2018-05-04 14:03

Johannesburg - Ukhomishana wamaphoyisa esifundazwe uLt-General Nneke Ledwaba ugxeke izigameko zodlame lwasekhaya ezilokhu ziqhubeka, ikakhulukazi ezokubulala nokushaya ezindaweni eziseLimpopo.

Lokhu kuza ngemuva kokuboshwa kwendoda, 45, ngezinsolo zokubulala umkayo nokuzama ukubulala enye indoda esigamekweni esenzeke eMatobole village, eGa-Maja ngaphandle kwaseLebowakgomo, eLimpopo, kubika iBosveld Review.

Ngokusho kwalowo okhulumela amaphoyisa uLt-Col Moatshe Ngoepe, uSana Kgwale, 33, udutshulwe wabulawa wumyeni wakhe kulandela ukungaboni ngasolinye nokuthe ngemuva kwesikhashana wadubula enye indoda.

OLUNYE UDABA:Ubulale unkosikazi obesejola neyengandoda

"Ngemuva kokudutshulwa kukamufi, umsolwa wagoqa isidumbu ngengubo yokulala wasifihla endlini encane ngaphambi kokuzinikela emaphoyiseni," kuchaza uNgoepe.

Uphenyo lwakamuva luveze ukuthi lezi zithandani zazixabene, umsolwa esola umufi ngokuphinga nenye indoda.

Indoda elimele yaphuthunyiswa esibhedlela inenxeba lokudutshulwa.

Umsolwa uzovela eNkantolo yeMantshi yaseLebowakgomo maduze.

"Umphakathi uphinde wagqugquzelwa ukuba uthole usizo olufanelekile uma ubhekene nezinkinga zasekhaya kunokulimazana noma ukubulalana," kusho uNgoepe ephetha.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.