Kuboshwe indoda ngelokuthumba nokuzama ukubulala umfana, 10

2017-09-03 13:24

Lichtenburg - Kuboshwe indoda eneminyaka engu-22 ubudala ngezinsolo zokuthumba nokuzama ukubulala umfana, 10, e-Itsoseng eduzane naseLichtenburg, kusho amaphoyisa aseNorth West ngeSonto.

UBrigadier Sabata Mokgwabone uthe le ndoda iboshwe ngemuva kokuba ishayele ucingo umndeni womfana ifuna isamba semali.

"Amaphoyisa akwazi ukuxoxa nomsowla ngesikhathi sophenyo, athola ukuthi ikuphi ingane. Ingane yatholwa isaphila ngaphakathi epayipini lamanzi ngaphandle kwaseVerdwaal village eduzane nase-Itsoseng ngoLwesihlanu, wangomhlaka1 Septhemba 2017."

OLUNYE UDABA:Zimkhalele ozame ukuthumba ingane eyisiphiwo

Umfana ube esebuyela ekhaya kumndeni wakhe ngemuva kokuhlolwa ngudokotela okunguye owaqinisekisa ukuthi ukahle ngokwempilo.

Kwabikwa ngomhlaka-25 Agasti ukuthi udukile ngemuva kokuba engabuyanga esikoleni. Lo mfana wabe esefunwa, kuthe kusenjalo le ndoda yashayela umndeni womfana ucingo ifuna isamba semali.

Le ndoda ilindeleke ukuba ivele enkantolo yemantshi yase-Itsoseng ngoMsombuluko, kushi uMokgwabone.

 -  African News Agency

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.