Kuboshwe indoda ngesigameko sokubulawa kwenye ku-M13 eThekwini

2017-12-19 16:00

Durban - Kuboshwe indoda eneminyaka engu-23 ubudala ngokubandakanyeka esigamekweni sokubulawa kwendoda ngaku-M13 eSherwood ngoNovemba.

Ngokusho komthombo, amaphoyisa abophe le ndoda emijondolo yakuKennedy Road namuhla ekuseni.

UMohamed Yusf Joosub, 22, wayelibangise emsebenzini ngaku-M13 ngesikhathi ehlaselwa ngamadoda amabili. Kusolwa ukuthi uJoosub wagwazwa amanxeba angu-11. La madoda abaleka neselula kanye nemali yakhe.

OLUNYE UDABA:Kuboshwe umsolwa wesibili ecaleni elibhekene noManana

UJoosub wawa phansi, abahlaseli bakhe babaleka. Umuntu owayedlula ngendlela owabona isigameko, nguye owabikela abosizo lokuqala ngesigameko. UJoosub wahlonzwa njengoshonile ngabosizo lokuqala khona endaweni yesigameko.

Abangani nomndeni kaJoosub bafika endaweni yesigameko ngemuva kwemizuzwana. Ubaba wakhe wafika endaweni yesigameko wakhihla isililo ngesikhathi amaphoyisa eqoqa ubufakazi.

Umama wakhe kwadingeka ukuba asuswe kule ndawo ngenxa yokukhungatheka. 

UJoosub wachazwa njengomuntu onothando futhi nowayethanda ukuncokola.

Okhulumela umndeni kaJoosub, uMohammed Ismail, uthe sebekhululekile manje njengoba sekukhona oboshiwe.

"Sithanda ukubonga umphakathi namaphoyisa ngokuboshwa komsolwa. Siyathemba umthetho uzodlala indima yawo."




 - Daily News

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.