Kuboshwe indoda ngezinsolo zokudlwengula izingane zabafana

2017-06-03 15:23

Kimberley – Owesilisa oneminyaka engu-39 ubudala uboshiwe kulandela izinsolo zokudlwengula nokunukubeza ngokocansi izingane ezimbili zabafana eHopetown, kusho amaphoyisa aseNorthern Cape ngoLwesihlanu.

Le ndoda ikhalelwe ngamasongo kaSigonyela ngoLwesine ngaphandle kwaseHopetown epulazini okukholakala ukuthi isebenza khona njengemfolomani.

Lokhu kungemuva kokuthi umfana, 15, evule icala ngokudlwengulwa ngumsolwa, kusho okhulumela amaphoyisa uCaptain Olebogeng Tawana.

OLUNYE UDABA: Usenkantolo osolwa ngokudlwengula abafana

Le ndoda ibe isibekwa icala lokudlwengula, ukunukubeza ngokocansi nokuphatha isibhamu nezinhlamvu kungekho emthethweni.

"Kusolakala ukuthi le ndoda yayijwayele ukulanda ngemnoto lo mfana, 15, kanye nomngani wakhe oneminyaka engu-13 ubudala edolobheni eHopetown bese ibayisa epulazini ifike ibanikeze utshwala nezidakamizwa bese iyabadlwengula,” kusho uTawana.

Ngesikhathi eboshwa umsolwa, kushaqwe izithombe zocansi kanye nesibhamu nezinhlamvu.

Kulindeleke ukuba avele eNkantolo yeMantshi yaseHopetown ngoMsombuluko.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.