Kuboshwe indoda ngokutholakala kwesidumbu sowesifazane nendodakazi

2017-11-28 10:59

Cape Town - Kuboshwe indoda eneminyaka engu-49 ubudala ngezinsolo zokubulala intombi yayo nengane yentombazane eneminyaka emibili ubudala ngemuva kokutholakala kwezidumbu ebezifihliwe zigoqwe ngengubo yokulala, ngaphakathi endlini.

Le ndoda igama layo elisagodliwe njengoba ingakathweswa icala, iboshwe ngamaphoyisa aseDelft ngoMsombuluko ekuseni.

Okhulumela amaphoyisa uSinathi Joni uqinisekise ukuboshwa kwale ndoda wathi: "Kuboshwe indoda, 49, izolo (ngoMsomuluko) ngokubandakanyeka emacaleni amabili okubulala. Umsolwa kulindeleke ukuba avele eNkantolo yeMantshi yaseBellville uma esethweswe icala."

OLUNYE UDABA:Kuboshwe indoda ngelokuthumba nokuzama ukubulala umfana, 10

Kuphinde kukholakale ukuthi le ndoda ibilandelana nabesifazane, ikakhulukazi labo abangomama, enkundleni yezokuxhumana iFacebook, ibathumelela imiqhafazo.

Ngokusho komunye wabesifazane, ocele ukuba lingadalulwa igama lakhe, uthi wakhuluma nomsolwa ngesonto eledlule, ngemuva kwezinsuku enyamalele lapho abehlala khona nentombi yakhe yeminyaka emibili eDelft.

Abezindaba iDaily Voice baye kulo muzi oku-N2 Gateway ngoLwesibili, lapho abafike khona bahlangatshezwa yiphunga elibi.

Lokhu kulandela ukuthi kutholakale izidumbu ezimbili ngesonto eledlule; okungesikaMishaka, 2, nesikaShafieka Petersen, 38.

Bobabili uPetersen nomsolwa bebengatohozi ndawo.

Isidumbu sengane satholakala sifihlwe ekhabetheni kanti esikamama sasifihlwe phansi kwetafula zighoqwe ngengubo yokulala.


 

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

Cluster Financial Manager

Cape Town
Network Finance
R950 000.00 - R1 000 000.00 Per Year

SQL Reporter

Cape Town
Communicate Cape Town IT
R10 000.00 - R12 000.00 Per Month

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.