Kuboshwe induna egunyaze ukuthi kudlwengulwe intombazane

2017-07-29 11:00

Multan – Amaphoyisa athi induna yesigodi ikhalelwe ngamasongo kaSigonyela ngezinsolo zokugunyaza ukudlwengulwa kwentombazane, enkabeni yePakistan.

Okhulumela amaphoyisa uShabina Kareem uthe amaphoyisa abophe umsolwa esigodini esiseduzane nedolobha iMultan ngoLwesine.

Uqhube ngokuthi amaphoyisa aphinde abopha amadoda angu-24 ahambela lo mhlangano wangomhlaka-18 Julayi lapho okusolakala khona ukuthi yilapho uSaeed Patwari anikeza uMohammad Ashfaq igunya lokuthi adlwengule intombazane, 17, eziphindiselela ngokuthi naye udadewabo (u-Ashfaq) wadlwengulwa ngenye indoda engu-Omar Wadda.

OLUNYE UDABA: Kudlwengulwe owesifazane eNdiya

UKareem uthe kumanje amaphoyisa aphansi phezulu athungatha u-Ashfaq kanti uWadda yena sewaboshwa wabekwa icala lokudlwengula udadewabo ka-Ashfaq.

Amacala afuze lawa avamile ezingxenyeni zePakistan.

Inkantolo yasehlathini ngo-2002 yakhipha umyalelo wokuthi amadoda adlwengule uMukhtar Mai, okuyintombazane eyabophisa umdlwenguli wayo.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.