Kuboshwe inyanga ngokushona kukasomabhizinisi

2018-02-27 16:00

eThekwini -  Iboshiwe inyanga okuthiwa yathumela abantu ukuba bayokweba imoto nokwaholela ekubulaweni kukasomabhizinisi.

Lokhu kwenzeka ngesonto eledlule kanti abasolwa babulala umnikazi we-Bed and Breakfast e-East London.

NgoLwesine iphephandaba iLANGA labika ngokuboshwa kwabasolwa ababili bephuma enyangeni elokishini eNanda, enyakatho yeThekwini.

Laba basolwa baboshwa ngamaphoyisa aseCambridge, e-East London.

OLUNYE UDABA:Kushone amaphoyisa abesendleleni ebheke eNgcobo

Lolu phenyo lwaqala ngesikhathi amaphoyisa aseNanda ethola imoto enezinombolo zase-Eastern Cape okuthiwa ibisinesikhathi ipake endaweni ethile eNanda.

La maphoyisa yiwona axhumana nozakwabo baseCambridge abaqala uphenyo lokuthola umnikazi wale moto.

Ngesikhathi kwenziwa uphenyo mayelana nale moto kwatholakala igama lomnikazi kanye nekheli lakhe, amaphoyisa aya kuleli kheli azithela phezu kwesidumbu sowesimame sinamanxeba okugwazwa.

Kuvele ukuthi omunye wabasolwa uke wasebenza kule B&B.

Kwaboshwa inyanga yaseNanda kanye nomunye umsolwa ngemuva kokuboshwa kwabasolwa ababili.

Laba basolwa bokuqala ababoshwa, oyedwa wabo usevelile enkantolo kanti omunye kulindeleke ukuba avele kungekudala.

Okhulumela amaphoyisa ase-Eastern Cape uCaptain Nkosikho Mzuku usiqinisekisile lesi sigameko nokuboshwa kwalaba basolwa ngecala lokubulala.

UMzuku uthi uphenyo lusaqhubeka.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.