Kuboshwe iphoyisa elihlobene nejaji uMasipa ngezokweba ama-toilet paper

2016-07-20 07:44

Johannesburg - Liboshwe ngozakwabo baseMidrand iphoyisa elikanye nePan African Parliament (PAP) ngecala lokweba bokucekela phansi impahla kulandela izinsolo zokubanjwa oqotsheni leba ama-toilet paper emsebenzini.

USidwell Masipa uboshwe ngesonto eledlule emagcekeni asePAP eMidrand ngemuva kokumsola ngokuzitapela ama-toilet paper emsebenzini.

OLUNYE UDABA:  Kuboshwe iphoyisa nojele ngokushayela bephuzile

Ngesikhathi kukhulunywa noMasipa emzini wakhe oseMidrand, ebuzwa ukuba ngabe uhlobene yini neJaji uThokozile Masipa owayengamele icala lokubulala elalibhekene nomsubathi u-Oscar Pistorius.

"Ngingumzala womyeni wakhe uWilson Masipa," usho njalo.

ISunday World ithole ukuthi uMasipa oneminyaka engu-41 ubudala kusolwa ukuthi wabanjwa oqotshni eba kumakhamera eCCTV ethatha ama-toilet paper amane la okugcinwa khona impahla.

UMasipa uboshwe ngozakwabo, kusolwa ukuthi babehamba ngemiyalelo kamphathi siteshi uSifiso Makhubu wabe esevalelwa esiteshini samaphoyisa aseMidrand.

UMasipa ukuqinisekisile ukutholakala kwama-toilet paper amane emzini wakhe ngesikhathi kuseshwa kodwa wathi ozakwabo bavele batheleka nje emzini wakhe bengayiphethe nencwadi ebagunyaza ukuthi baseshe umuzi wakhe.

Okhulumela amaphoyisa uBrigadier Vishnu Naidoo uqinisekise ukuboshwa kwephoyisa ngezinsolo zokweba nokucekela phansi impahla ePAP.

“Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.