Kuboshwe iphoyisa ngokubulawa komshayeli

2016-07-12 10:09

Johannesburg – Iphoyisa ebelizihambela nentombi yalo, lingasebenzi, lidubule labulala umshayeli ngemuva kwengxabano equbuke besemgwaqeni.

Isehlakalo senzeke eDobsonville, eSoweto, ngoMgqibelo ntambama.

Bekungakacaci kahle ukuthi iphoyisa lidubule amahlandla amangani, kodwa lona nentombi yalo abalimalanga.

Nakuba amaphoyisa echaze isisulu njengomuntu obenodlame, umalume waso  uMadibeng Monama, naye oyiphoyisa, uziphikile izinsolo.

Funda nalolu daba: Ababhikishi bavale umgwaqo

Uthi akukho abatshelwe khona njengomndeni okwenza umqondo.

Lolu daba ludluliselwe kwi-Independent Police Investigative Directorate (Ipid), okuyiyo ezokwenza uphenyo njengoba leli cala lithinta iphoyisa.

Umsolwa kumanje usezinkhindini, kubika iThe Star.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.