Kuboshwe iphoyisa ngokusetshenziswa kwemoto yomsebenzi ukubamba inkunzi

2017-08-14 11:12

Port Elizabeth – Kuboshwe iphoyisa laseNelson Mandela Bay ngezinsolo zokubandakanyeka esigamekweni sokubamba inkunzi erobothini eMotherwell, kusetshenziswa imoto yomsebenzi.

Okhulumela amaphoyisa, uColonel Priscilla Naidu, uthi abesifazane abathathu babanjwe inkunzi baphucwa izinto zabo kanye nezikhwama erobhothini kuNgunga Street, eMotherwell ngoLwesihlanu ebusuku. 

UNaidu uthe abasolwa abane okukholakala ukuthi bayabandakanyeka kulesi sigameko baboshiwe ngokuhamba kwesikhathi egarari likaphethiloli eMotherwell, nokuyilapho betholakale khona nemoto yamaphoyisa.

OLUNYE UDABA: Iyavela indoda esolwa ngokubulala eKZN

“Uphenyo olunzulu luveze ukuthi iphoyisa elisebenzela eKabega Park lalingayibuyisanga imoto ngoLwesihlanu selishayisile emsebenizni,” esho.

UNaidu uthe iphoyisa elineminyaka engu-37 ubudala liboshwe ekuseni ngoMgqibelo lisemzini walo oseBethelsdorp. 

“Liboshwe ngecala lokusebenzisa imoto ngaphandle kwemvume yomnikazi wayo, kodwa lingase lithweswe namanye amacala ngokuhamba kwesikhathi," esho.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.