Kuboshwe isihlobo ngokubulawa kwengane eyayilahlekile

2018-03-25 11:04

eThekwini -  Amaphoyisa aseMtubatuba abophe owesimame oneminyaka engu-59 ubudala ngecala lokubulala ingane eneminyaka emithathu ubudala.

Kwabikwa ngokulahleka kukaGamelihle “Gamo” Mdletshe ngoDisemba 2017 nokuyilapho amaphoyisa avula khona icala lomuntu olahlekile.

Amaphoyisa asebenzisana namalungu omphakathi ezama ukuthola le ngane elahlekile.

Ngomhlaka 13 Disemba 2017 kwatholakala isidumbu sale ngane sicwiywe izitho zomzimba.

OLUNYE UDABA:Igwetshiwe indoda yaseThekwini eyabulala owayeyingoduso

Amaphoyisa aguqula uphenyo lwaba ngelecala lokubulala.

Uphenyo lwamaphoyisa lwaholela amaphoyisa kulesi sihlobo.

Umsolwa waboshwa wabekwa icala lokubulala kanti ngoLwesihlanu mhlaka 23 Mashi 2018 wavela eNkantolo kaMantshi eMtubatuba.

Lo msolwa uzogqunywa ezitokisini kuze kube wumhlaka 26 kwephezulu lapho azovela futhi enkantolo.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.