Kuboshwe isihlobo ngokubulawa kwezingane ezine eNcukeni

2018-03-10 09:23

Port Edward - IBamba likaKhomishana wamaPhoyisa aKwaZulu-Natal, uMajor General Bheki Langa ulishayele ihlombe ithimba labaseshi ngokuboshwa kwalowo osolwa ngokubulala izingane ngesihluku.

Namuhla amaphoyisa asePort Edward abophe isihlobo esineminyaka engu-32 ubudala ngecala lokubulala.

Lesi sihlobo siboshwe sisendlini yaso esendaweni yaseNcukeni ngemuva kophenyo olunzulu olwenziwe ngabaseshi ngokubulawa kwezingane ezincane.

OLUNYE UDABA:Kubulawe 4 wezingane ngesihluku, umama wazo esethaveni

Ngomhlaka-2 Septhemba 2017 ngezithuba zabo-07:00, izingane ezintathu ezineminyaka ephakathi kwengu-4 nengu-12 ubudala zatholwa zidindilize ngaphakathi endlini zinamanxeba okugwazwa ezifubeni, emzimbeni zishumpulwe nezindlebe ngakwesokunxele.

Esinye isidumbu satholakala sidindilize ngaphandle naso sinamanxeba okugwazwa. Imbangela yokubulawa kwalezi zingane ibingakaziwa okwamanje.

Izingane zazihleli zodwa ngesikhathi zihlaselwa, umama wazo esaphumile. Kwavulwa amacala amane okubulala esiteshini samaphoyisa asePort Edward, ukuze kuzophenywa. 

Ngokwesitatimende samaphoyisa, umsolwa uthweswe amacala amane okubulala kanti uzovela eNkantolo yeMantshi yaseRamsagate ngomhlaka-12 Mashi 2018.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.