Azaadville - Isisebenzi sasendlini,21, siboshelwe itulo lokugebenga umuzi womqashi wakhe nge-Sonto mhlaka 24 kuNtulikazi endaweni yase-Azaadville.
Kuthiwa lesi sisebenzi saqamba amanga emaphoyiseni ngalokhu okwenzeka ngesikhathi kuphangwa.
Watshela amaphoyisa ukuthi kwagqekeza amadoda amabili ayehlomile athatha ama-tablet amabili, amapheya amabili ezicathulo, imishini yoku-driller, amawashi amahlanu kanye nobucwebe.
OLUNYE UDABA:Isisebenzi sasendlini sebe u-R300k sayothenga imoto nesoka
Amaphoyisa athi lesi sisebenzi sithi sathathelwa umakhalekhukhwini kodwa bawuthola embhedeni waso, Krugersdorp News.
Amaphoyisa athola ukuthi lesi sisebenzi kudala sazana nabasolwa abaphanga kule ndawo ase emfaka ozankosi. Kuboshwe nabasolwa ababili kanti kulindeleke ukuba bavele enkantolo maduzane.