Kuboshwe isoka ngokubulawa kwentombi

2017-08-31 14:07

Johannesburg - Sitholwe ethuneni elingashoni isidumbu sikaThembelihle Base oneminyaka engu-24 ubudala.

Lokhu kuza ngemuva kokuba sekuphele inyanga isoka lakhe labika ngokuduka kwakhe.

Isidumbu sikaBase besesiqala ukonakala ngesikhathi sitholwa phakathi kwaseManyeveni naseChweni eKabokweni ngaphandle kwaseWhite River, eMpumalanga.

OLUNYE UDABA:Kuboshwe isoka ngokudutshulwa kowesifazane eNgcinusizi

Kusolwa ukuthi uBase wagcina ukubonakala ephuma ethaveni nesoka lakhe ekuqaleni kwenyanga edlule.

Okhulumela amaphoyisa uColonel Mtsholi Bhembe, uthe kuboshwe indoda eneminyaka engu-26 ubudala yathweswa icala lokubulala.

NgoLwesihlanu ntambama, umphakathi wavuka umbhejezane, wavala yonke imigwaqo ngemuva kwezinsolo zokuthi umseshi wecala uhlobene nomsolwa.

Ikhansela uRhode Mgwenya, uthe umphakathi unqume ukuvala imigwaqo ngoba ukholwa wukuthi amaphoyisa aphenya udaba awazimisele ngalo.

"Umphakathi ubufuna amaphoyisa asheshe kuleli cala ngoba sekunesikhathi eside labikwa," kusho uMgwenya.


 - Daily Sun

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.