Kuboshwe isoka ngokudutshulwa kowesifazane eNgcinusizi

2017-08-14 19:30

eGcinusizi - Owesimame oneminyaka engu-32 ubudala udutshulwe walimala kanti kukholakala ukuthi yisoka lakhe elenze lokhu, kubika i-Estcourt News.

Amaphoyisa aseNtabamhlophe abizelwe endaweni yaseGcinusizi ngeSonto ngemuva kwezikhalazo zomphakathi ngowesilisa obonakale esabisa ngesibhamu.

“Amaphoyisa afike kule ndawo athola ukutho owesilisa udubule walimaza intombi yakhe. Lo wesifazane ulimale kabi engalweni,” kusho okhulumela amaphoyisa uCaptain Charmaine Struwig.

OLUNYE UDABA:Isoka 'lidephune' udebe lwentombi inqaba ukwenza ucansi nalo

Umsolwa ubengekho kule ndawo ngesikhathi kufika amaphoyisa, kodwa asebenze ngokuzikhandla ukumthungatha wagcina ebanjwa ngabo lobu busuku.

“Amaphoyisa abambe umsolwa ephethe isibhamu okukholakala ukuthi yisona asisebenzise ukuhlasela intombi,” kusho uStruwig.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.