Kuboshwe isoka ngokufa kwentombi

2017-09-12 09:31

Cape Town – Amaphoyisa asebophe isoka lentombazane eneminyaka engu-19 ubudala ngecala lokubulala ngemuva kokutholakala kwayo iklinyiwe kubo.

Amaphoyisa abizelwa emjondolo okuDelft Main Road, eDelft South, ngeSonto ngezithuba zabo-15:00.

Umama ka-Asive Sizani, uNtombizine Sizani, 37, wathi indodakazi yakhe yayilale kubo kwesoka elineminyaka engu-35 ubudala ngoMgqibelo ebusuku, yena wabe esebizelwa endaweni yesigameko ngakusasa.

“Umngani wakhe wangitshela ukuthi ushonile,” esho.

“Ngesikhathi mina noyise sifika endlini, wayedindilize phansi, isidumbu simbathiswe ngengubo yokulala. Ngesikhathi kususwa ingubo yokulala, amehlo akhe ayesavulekile, egqolozele endaweni eyodwa. Asazi ukuthi kwenzakalani.”

OLUNYE UDABA: Ubanjwe esemsebenzini osolwa ngamacala okubulala

Udadewabo womsolwa, ocele ukungadalulwa, uthi umfowabo wayesebhishi ngesikhathi kutholakala isidumbu.

“Ngangingekho ngesikhathi kutholakala isidumbu sakhe. Ngesikhathi ngifika ekhaya, kwakukhona amaphoyisa. Umfowethu wayesebhishi ngaleso sikhathi.”

Umngani walezi zithandani, naye ongafunanga ukudalulwa igama, uthe nguyena owasiza isoka likamufi ngesikhathi ligunda izinwele ngaphambi kokuya ebhishi.

Okhulumela amaphoyisa, uSergeant Noloyiso Rwexana, ukuqinisekisile ukuthi kuboshwe oweslisa oneminyaka engu-35 ubudala ngecala lokubulala.

- Daily Voice

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.