Kuboshwe izinkabi eziyisithupha eKZN

2017-11-29 17:59

eThekwini - NgoLwesibili umkhankaso wamaphoyisa wokuthungatha abasolwa abenza ubugebengu obunzima esifundazweni sakwaZulu-Natal ube yimpumelelo.

Lo mkhankaso ubuhlanganisa amathimba ophiko lwe-Tactical Response Team, iNational Intervention Unit, iPublic Order Police kanye nabe-Airwing.

Okwamanje leli thimba lisebenzela enyakatho nesifundazwe iKwaZulu-Natal kulandela isigameko sangesonto eledlule lapho kwadutshulwa khona abantu bashona enxanxatheleni yezitolo.

Isitatimende samaphoyisa siveza ukuthi kube sekubanjwa abasolwa abayisithupha okukholakala ukuthi bangoshayasibhamu.

OLUNYE UDABA:Kuthungathwa oshayasibhamu abadubule abangani belinde itekisi

Laba basolwa abaseminyakeni ephakathi kuka-34 kuya ku-52 ubudala babandakanyeka emacalani enzeke kulesi sifundazwe naseGauteng.

"Amacala abo ahlanganisa udlame lwamatekisi, ukubulawa kwamaphoyisa, ukuqhunyiswa kwama-ATM nokubanjwa kwezimoto zemali kanye nokubulawa kosopolitiki, wukuphanga kanye nokudunwa kwezimoto," kuqhuba isitatimende.

Laba basolwa babanjwe ngaseRichards Bay betholakala nezibhamu eziyisikhombisa.

Lezi zibhamu zizohlolwa ukuze kubonakale uma zike zashetshenziselwa ubugebengu.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

Cluster Financial Manager

Cape Town
Network Finance
R950 000.00 - R1 000 000.00 Per Year

SQL Reporter

Cape Town
Communicate Cape Town IT
R10 000.00 - R12 000.00 Per Month

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.