Kuboshwe izisebenzi zikamasipala ngokukhwabanisa

2017-08-26 10:00

Johannesburg – Kuboshwe izikhulu ezingu-8 kumasipala waseGoli ngezinsolo zokukhwabanisa okungafinyelela ku-R2.4 million, kusho oKlebe ngoLwesihlanu.

Abasolwa abangu-8, nomunye umuntu, basolwa ngokubhala izincwadi ezingumgunyathi bezenza abanikazi bemizi abafuna ukubuyiselwa imali, kusho okhulumela oKlebe Robert Netshiunda esitatimendeni.

IMeya yaseGoli uHerman Mashaba uthe kwezinye izikhathi abanikazi bemizi basebenzisana nezikhulu ukuqamba amanga ukuze bathole imali.

Kuthiwa imali bebehlukaniselana yona uma isiphumile.

OLUNYE UDABA: Iphoyisa lakuleli libanjwe 'nezidakamizwa' eBrazil

UMashaba uthi isibalo sabantu abangase baboshwe singase sikhule njengoba lusaqhubeka uphenyo.

“Izakhamuzi ezisebenzisana nezikhulu bese kwebelwa idolobha kumele zijeziwe,” kusho uMashaba.

Abasolwa bazovela enkantolo ngoMsombuluko ngecala lokweba nokukhwabanisa.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.