Kuboshwe namaphoyisa abakwasidlodlo bephume umkhankaso

2018-02-12 12:30

Johannesburg – Amaphoyisa abeyingxenye yabasolwa abayinqwaba ababoshwe esifundazweni iGauteng ngempelasonto njengoba abakwasidlodlo beqhubeka nempi yokulwa nobugebengu.

Okhulumela amaphoyisa aseGauteng uCaptain Mavela Masondo uthe amaphoyisa "awasinisi amahleza uma ethi azoqeda nya ngobugebengu ngaphakathi embuthweni".

“Iphoyisa elinguConstable liboshwe eSandringham, eGoli, ngokuzama ukugebenga ibhizinisi, ukusebenzisa imoto yomsebenzi ngendlela engamukelekile kanye nokuvimbela ukusebenza kwengalo yomthetho,” kusho uMasondo.

Leli phoyisa kusolakala ukuthi belisebenzisana nabanye abasolwa abathathu ngenhloso yokuphanga ibhizinisi eliseLimbro Park. Belisebenzisa imoto yoMbuso ukuhambisa lezi zigebengu.

UMasondo uthe amaphoyisa abophe leli phoyisa kanye nabasolwa ababili.

OLUNYE UDABA: Kuboshwe iphoyisa ngecala lenkohlakalo

Uthe kwesinye isigameko, kuboshwe elinye iphoyisa nabantu abayisihlanu ngezinsolo zokuthola imali ngokungemthetho kanye nokuthumba umuntu wokufika ePotchefstroom, eNorth West.

“Laba zibakhalele kwathi isisulu sakhululwa kulandela ukusukuma ngokushesha kwamaphoyisa kulandela ukuhlaselwa kwelungu lomndeni ebelihambise imali efunwe ngabathumbi," esho.

UMasondo uthe esigamekweni sesithathu, kuboshwe iphoyisa elinguConstable eProtea Glen, eSoweto, ngezinsolo zenkohlakalo, ukukhwabanisa nokuthola imali ngokungemthetho.

“Iphoyisa nabanye abasolwa baboshwe ngezinsolo zokuwaka abantu imali engu-R30 000 bebathembisa ukubafaka emsebenzini kwiJohannesburg Metro Police Department,” kusho uMasondo.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/Africa
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.