Kuboshwe namaphoyisa amathathu kwesokubamba inkunzi

2017-10-01 08:37

Johannesburg – Uphenyo lwamaphoyisa luphethe ngokuthi abasolwa abangu-8, okubalwa kubo namaphoyisa amathathu, bakhalelwe ngamasongo kaSigonyela kulandela ukubhuntsha kwesigameko sokubamba inkunzi isitolo somakhalekhukhwini eFourways Mall, enyakatho yeGoli.

Okhulumela amaphoyisa aseGauteng uBrigadier Mathapelo Peters uthe onogada baseFourways Mall yibo ababone abasolwa base beyababopha ngoLwesine ekuseni.

Amalungu eTrio Task Team abe eselandela abanye abasolwa,  abebehamba ngezimoto ezintathu; okuyi-BMW, iHyundai nePolo.

“Abasolwa abane baboshwe ngemuva kokuthi amaphoyisa emise imoto yabo ku-N1 ayisesha, athola nezibhamu ezingekho emthethweni,” esho.

OLUNYE UDABA: Kuboshwe iphoyisa ngokusetshenziswa kwemoto yomsebenzi ukubamba inkunzi

UPeters uthe abanye abasolwa abathathu, bonke abangamalungu eSouth African Police Service, baboshwe ngemuva kokusoleka ukuthi bayabandakanyeka kulobu bugebengu.

“Amaphoyisa aphenya ngokusondelana kwala maphoyisa amathathu nendawo yesigameko,” esho.

Umkhuzi wamaphoyisa eSandton, uBrigadier Steven Moodley, uqinisekisile ukuthi la maphoyisa amathathu asebenzela esiteshini esiseDouglasdale, wathi yize ukuboshwa kwawo kufikiselana ngamahloni kepha ngeke bayibekezelele inkohlakalo ngaphakathi embuthweni.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.