Kuboshwe nomalume ngokubulawa kwezingane ezine

2018-03-12 19:30

Cape Town - Ngemuva kwezinyaga eziyisikhombisa izingane ezine zigwazwe zabulawa endaweni yaseNcukeni ogwini oluseningiziku yeKwaZulu-Natal, abesilisa ababili bavele enkantolo ngoMsombuluko ngesigameko.

NgoSepthemba nyakenye, izidumbu zezingane ezine eziphakathi kweminyaka emine kuya kwengu-12 ubudala, zatholakala emagcekeni omuzi.

Izidumbu ezintathu zazingaphakathi endlini kanti esesine sasihudulelwe engadini.

OLUNYE UDABA: 'Akasoze abuyele kwi-ANC uMalema'

Ingane ngayinye yayikhishwe indlebe yangakwesobunxele.

Amaphoyisa ngeledlule abophe umalume wezingane, uBen Zimele Mbhele‚ 32‚ kanye nomngani wakhe uSibongiseni Nyawose, 48.

Bobabili bavele eNkantolo kaMantshi eRamsgate ngoMsombuluko, kanti begcinwe esitokisini.

Bobabili bazophinde bavele enkantolo kuleli sonto.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.