Kuboshwe obehamba ngesivinini esiphezulu etsaka ngemoto entsha

2017-07-25 14:00

Johannesburg - Ikhalelwe amasongo kaSigonyela indoda eneminyaka engu-27 ubudala ebisuka eLimpopo ilibangise eTembisa, eGoli, ngokuhamba ngesivinini esiphezulu ngemoto yayo entsha sha yohlobo lweFord Focus RS ngeSonto ekuseni.

Le ndoda ibihamba ngo-250km/h, kanti ibihamba namanye amadoda amabili, kubika iKempton Express.

Ngokusho kwaloyo okhulumela amaphoyisa kaMasipaka waseKurhuleni u-Inspector Kobeli Mokheseng, uthe le ndoda ibanjwe phakathi kwezithuba zabo-04:00 no-10:00 ekuseni kuR21 emgwaqeni ongenela e-Olifantsfontein.

OLUNYE UDABA:Uthi ubekhishwa yisisu oboshelwe isivinini esiphezulu

Umsolwa ugcinwe esiteshini samaphoyisa ase-Olifantsfontein wathweswa icala lokushayela budedengu, kusho uMokheseng.

Kuphinde kwaboshwe nabanye abashayeli abahlanu abaphula umthetho kuyo le ndawo, okubalwa kubo indoda ebicwile ezinkambeni zikaFaro ihamba ngemoto yohlobo lweMercedes-Benz ngesivinini sika-192km/h.

Abanye abashayeli ababoshiwe bebehamba ngesivinini sika-167km/h, esika-168km/h, esika-172km/h nesika-189km/h.

Bonke abasolwa bathweswe icala lokushayela budedengu, kubalwa nokushayela ngaphansi kwengcindezi yotshwala.

Babe sededelwe ngebheyili yemali engu-R1 500 umuntu ngaminye kanti bazovela eNkantolo yeMatshi yaseTembisa ngokuhamba kwesikhathi.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.