Kuboshwe obeyofuna usizo emaphoyiseni

2016-07-11 10:03

Durban - Uyabalisa owesilisa waseBhekuzulu, eVryheid, enyakatho yeKwaZulu-Natal, owaboshwa ngamaphoyisa ngoba ecele ukukhuluma nomphathi wesiteshi.

USabelo Ngubo,29, uthi usekude ukukhohlwa isikhuku samaphoyisa ambopha ngoNovemba ngonyaka odlule, wahlala ejele izinyanga eziyisikhombisa ngoba ecele ukukhuluma nomphathi siteshi kulandela ukungasizakali kwakhe eyovula icala, kubika iphephandaba ILANGA.

Ekhuluma nephephandaba ILANGA, uthi  wafika esiteshini samaphoyisa eyovula icala watshelwa ukuthi akalinde, uzosizakala. Kodwa kwaze kwangena amaphoyisa asebenza ebusuku engakaze alutole usizo.

Uthi ngenxa yokungasizakali, ubeseyakuwona amaphoyisa futhi ecela ukusizwa kodwa avele emfutha ngesisi esikhalisayo kuthiwa ubanga umsindo.

Funda nalolu daba: Kuboshwe amadoda amabili atholwe nekhanda lowesifazane

Uthi waphumela ngaphandle, ngokuhamba kwesikhathi wabuya esecela ukubona umphathi wesiteshi, wavele washaywa ngoba kuthiwa uzitshela ukuthi wazi kakhulu.

Khona lapho uthi kwagqashuka iwashi lephoyisa, zabe seziyamkhalela njalo.

Okhumela amaphoyisa aseKZN uMojor Thulani Zwane ukuqinisekisile ukuthi uNgubo waboshwa kodwa wathi inkantolo yamkhipha phambili.

Ubesemyalela ukuba lolu daba angaludlulisela kumkhuzi wamaphoyisa wakuleya ndawo noma alubikele i-Independent Police Ivestigative Directorate.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.