Kuboshwe obulale inja wayihlinza wakhipha isikhumba 'efuna ukwenza ukhaphethe'

2017-02-09 16:00

Mpumalanga - Amalungu omphakathi eKlarinet, eMpumalanga avuke umbhejezana ngemuva kokuba indoda ibulale inja yayihlubula isikhumba ngenhloso yokusisebenzisa njengokhaphethe, kubika iWitbank News.

NgeSonto ntambama, ngomhlaka-6 Febhuwari, le ndoda eneminyaka engu-34 ubudala yavakashelwa abantu emzini wayo. Khonamanjalo, amaphoyisa abikelwa ngesigameko.

Ngesikhathi amaphoyisa efika endaweni yesigameko, akhuluma nowesifazane owathi isizathu sokuba amalungu omphakathi agcwale emagcekeni omuzi wale ndoda yingoba umyeni wakhe ubulale inja.

OLUNYE UDABA: Isinde kukubi inja igwazwa obexabana nomnikazi wayo

Ngesikhathi amaphoyisa eya emuva kwendlu, afica isilwane esifile.

Kuzwakale ukuthi umsolwa uvumile ukuthi ubulale inja, ethi ubefuna isikhumba sayo ngoba efuna ukwenza ukhaphethe ngoba idle imidlwane yayo engu-9.

Le ndoda ibe isiboshwa.

Abakwa-SPCA bavakashele le ndawo beyobheka kuthi kwenzekeni.

Imenenja yakwa-SPCA uNatalée Pretorius uthe ngeshwa akatholakali ephawula okwamanje njengoba bekhathazeke ngokuthi lokhu kungase kuthikameza icala labo.

"Angeke size sikwazi nokuqinisekisa ukuthi isikhumba besizosetshenziswa njengokhaphethe. Akusikho okokuqala sizwa ngalolu daba."

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.