Kuboshwe ojele ngokweqa kweziboshwa ezingu-16 eGoli

2018-04-20 12:30

Johannesburg - Kuboshwe ojele ababili ngoLwesine ngezinsolo zokusiza iziboshwa ezingu-16 ukuba zeqe ejele laseGoli ngeledlule.

Okhulumela amaphoyisa uColonel Lungelo Dlamini uthi abasolwa baboshwe ngoLwesine ntambama kanti bazovela eNkantolo kaMantshi eGoli ngoLwesihlanu.

“Sizoqhubeka nophenyo. Ngeke ngakuqinisekisa ukuthi ngabe bakhona yini abasazoboshwa,” esho.

Iziboshwa ezingu-16 ezazisalinde ukuthethwa kwamacala azo zeqa eJohannesburg Correctional Centre – elaziwa ngeSun City – ngo-Ephreli 9 ngemuva kokukhipha izitini odongweni.

OLUNYE UDABA: Izigebengu zihlalise lubhojozi abashayeli eKokstad

Bagibela phezu kwamakhabethe ukuze bezokwazi ukuphuma embobeni ababeyivulile.

Kwasikwa nocingo, lagoqwa ukuze iziboshwa zizokwazi ukuphuma kahle.

Okhulumela ezamajele uSingabakho Nxumalo ukushayele ihlombe ukuboshwa kwabasolwa.

 - Sowetan Live

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.