Kuboshwe 'omashonisa' abathathu betholakala namakhadi akwaSassa

2017-09-04 14:01

Johannesburg - Amaphoyisa ophiko loKlebe abophe abantu abathathu abasolwa ngokuba ngomashonisa, abaneminyaka engu-26, 38 nengu-43 ubudala eNamakgale ngaphandle kwasePhalaborwa ngokutholakala namakhadi akwa-South Africa Social Security Agency (SASSA).

Abasolwa baboshwe ngemuva kokuba amaphoyisa encinzwe indlebe ngabantu abaphethe amakhadi akwaSassa ngokungemthetho kule ndawo.

Amaphoyisa ashaqe amakhadi angu-35 akwaSassa, omazisi abangu-15, amakhadi amathathu e-EasyPay kanye nemali engu-R10 000.

OLUNYE UDABA:Kuboshwe omashonisa eKZN

Okhulumela oKlebe uCaptain Matimba Maluleke uthe bonke abasolwa badedelwe ngebheyili yemali engu-R1 000 umuntu ngamunye.

Abasolwa kulindeleke ukuba bavele ngaphambi kweNkantolo yeMantsi yaseNamakgale namuhla (ngoMsombuluko) ngecala lokuphula umthetho iContravention of Section 20 of the Social Assistance Act ka-2004 neNational Credit Act 34 ka-2005.

UMalukeke uthe sekungokwesithathu kuboshwa abantu ngecala elifanayo esifundazweni ngemuva kwalabo ababoshwa eBugersfort naseNortham ngenyanga eyedlule.

- Daily Sun

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.