Kuboshwe ona-17 ngokusiza osolwa ngokushushumbisa amantombazane

2017-05-22 12:29

Johannesburg -  Uzovela enkantolo owesilisa osolwa ngokugqilaza Amantombazane ngokudayisa ucansi, ukushushumbisa abantu kanye nokutholakala nezidakamizwa.

La mantombazane amahlanu asuka ezindaweni ezahlukene, amathathu angawaseBalfour eMpumalanga kanti oyedwa ungowaselokishini lakwaThema ngaseSprings.

Amaphoyisa athi kuboshwe nentombazane eyodwa eneminyaka engu-17 ubudala nokukholakala ukuthi iyona ebihehela amantombazane kulo muzi.

Kuthiwa le ntombazane ibisiza lo msolwa ngokuletha amantombazane kule ndawo.

OLUNYE UDABA:Kuboshwe owokufika ngokushushumbisa amantombazane amancane

Ngokusho kwamaphoyisa, lo muzi ubonakala njengendawo yokugunda ikhanda, kodwa ashaqeke kabi ngesikhathi ethola amantombazane endlini.

Ngesikhathi ebuzwa la mantombazane ukuba afike kanjani kulo muzi nokuthi ahlaleleni, awakwazanga ukutshela amaphoyisa impendulo eqondile.

"Nomsolwa ubuziwe ukuthi la mantombazane atholakale kulo muzi ayisimakanjani kodwa wangakwazi ukuphendula. Ngesikhathi eseshwa, umsolwa utholakale ephethe izidakamizwa," kusho amaphoyisa.

Lo msolwa, 42, kuthiwa ubengaphandle ngebheyili lecala elifana ncamashi naleli aboshelwe lona.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.