Kuboshwe osolwa ngokubulala uSindiso Magaqa - Umbiko

2017-09-18 12:31

Johannesburg - Kuboshwe umuntu ohlala ehostela laKwaMashu ngecala lokubulawa kowayengunobhala jikelele we-ANC Youth League uSindiso Magaqa.

UMagaqa ubekwe endaweni yakhe yokugcina ngoMgqibelo eMzimkhulu eningizimu yeKwaZulu-Natal.

UMagaqa ushonele esibhedlela ngomhlaka 4 Septhemba ngemuva kokudutshulwa ngoJulayi.

ISowetan ibika ukuthi owesilisa, amaphoyisa athi uboshwe enabanye oshayasibhamu ngoSepthemba 1, usolwa ngokudubula uMagaqa,36.

Okhulumela oKlebe uBrigadier Hangwani Mulaudzi ukuqinisekisile ukuboshwa komsolwa.

"Umsolwa uzovela enkantolo maduzane. Kulindeleke kuboshwe abanye njengoba ithimba elisungulwe uNgqongqoshe wamaPhoyisa uFikile Mbalula lisebenza ubusuku nemini ukunqanda ukubulala okuhlobene nezepolitiki esifundazweni iKwaZulu-Natal,” kusho uMulaudzi.

OLUNYE UDABA: Uvelile umlimi obhekene necala lokuzama ukubulala

Umthombo osondelene nophenyo uthe owesilisa oneminyaka engu-38 ubudala, ohlala ehostela laKwaMashu, waboshwa ngemuva kokudubulala naphoyisa kwesinye isigameko..

Kuthiwa oboshiwe wayeyingxenye yabantu abayishumi abathinteka esigamekweni sokuphanga kuhlonyiwe esaphetha ngokuba kudutshulwane ku-N2 phakathi kwaseHarding naseKokstad ngoSepthemba 1.

Abasolwa babesendleleni beyobamba inkunzi imoto ethwala imali ngesikhathi bephazanyiswa amaphoyisa.

Kulesi sigameko kwashona abasolwa abathathu, kwaboshwa abayisikhombisa, kusho umthombo.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.