Kuboshwe osolwa ngokubulawa kosomatekisi eKZN

2017-09-30 09:25

Durban – Umsolwa okukholaka ukuthi uyathinteka ekubulaweni nasekuzameni ukubulala osomatekisi KwaZulu-Natal uboshiwe ngoLwesine eClare Estate, eThekwini, kusho amaphoyisa.

Umsolwa uthweswe amacala amthathu okubulala nayisithupha okuzama ukubulala enzeka eNtuzuma, ngakwaMashu, eThekwini.

UColonel Thembeka Mbhele utshele iNews24 ukuthi amaphoyisa azohlola izibhamu ukuthola ukuthi lona wesilisa akathinteka yini kwamanye amacala ahlobene nodlame lwamatekisi.

Umsolwa oneminyaka engu-36 ubudala usolwa ngokufa kwemenenja yaserenki esenkabeni yeTheku.  Imenenja eyabulawa yayihlala eGlebelands Hostel eMlazi.

OLUNYE UDABA: Uzochitha impelasonto ezikhindini 'owabulala' usana edinwe yisoka

Umsolwa usolwa nangesigameko sangoFebhuwari okwadutshulwa kusona uNkosentsha Ngwabe, nangesokubulawa kukaSifiso Shangase,50, owatholakala esemotweni enamanxeba okudutshulwa ngaserenki yamatekisi kanye namanye amacala okubulala enzeka ePort Shepstone, ngokusho kwesitatimende.

Kuboshwe nabanye abasolwa ababili abatholakale nezibhamu ezingekho emthethweni.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.