Kuboshwe osolwa ngokudayisa impahla eyebiwe ku-Gumtree

2017-01-23 14:31

Durban - Inkampani yonogada ezenze abathengi ibophe indoda okusolwa ukuthi idayisa impahla eyebiwe ku-Gumtree.

Abaphenyi bakwa-Enforce Security Services besebenzisana nophiko lwamaphoyisa akwa-SAPS aseDurban North babophe le ndoda okukholakala ukuthi igqekeza imizi yabantu bese yeba impahla iyidayise ku-internet.

OLUNYE UDABA: Uzogwetshwa ngozayo owazama ukudayisa kuGumtree

Le ndoda iboshwe ngasesigaraji eduzane nenxanxathela yezitolo iGateway ngoMgqibelo ebusuku.

Okhulumela amaphoyisa uThembeka Mbele uthe umsolwa utholwe namakhompyutha angu-13 kanye ne-iPad okwabikwa ukuthi yebiwa eHillcrest.

UNoco Potgieter, oyinhloko yakwa-Enforce uthe bancinzwa indlebe yilungu lomphakathi.

"Kwagqekezwa umuzi eHillcrest, ummangali wabona i-laptop yakhe ku-Gumtree wabe esesishayela ucingo."

UPotgieter uqhube ngokuthi amaphoyisa apheka umsolwa odabuka ezweni elingaphandle ngemibuzo.

 -The Mercury

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.