Kuboshwe owe-ANC ngokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni

2017-10-15 08:30

Johannesburg – Kuboshwe ilungu le-ANC KwaZulu-Ntal ngokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni, lokhu kuqinisekiswe yi-ANC ngoMgqibelo.

Okhulumela i-ANC esifundazweni uMdumiseni Ntuli uthe le ndoda kuzwakale ukuthi imiswe ngamaphoyisa ayithola nesibhamu esingekho emthethweni.

UNtuli uthe nakuba kunjalo, akucaci ukuthi ngabe le ndoda ikhohlwe yizincwadi zesibhamu ekhaya yini. "Bezingekho izincwadi zesibhamu ngaleso sikhathi," kusho uNtuli.

OLUNYE UDABA:Kuboshwe umkhulu ngesibhamu esingekho emthethweni

Uthe uKhongolose ubungakaxhumani nale doda ukuthola iqiniso ngesigameko.

"Sidumele ngokuba omunye wethu utholwe nesibhamu. Akekho umuntu okufanele aphathe isibhamu esingekho emthethweni, ikakhulukazi, ngenxa yezigameko zokubulala eziqhubeka esifundazweni.

"Amaphoyisa kufanele enze umsebenzi wawo kanti uma ethola ukuthi isibhamu asikho emthethweni, umthetho kufanele udlale indima yawo," kusho uNtuli.

Amaphoyisa abophe le ndoda ngesikhathi enze isivimba mgwaqo eMzimkhulu ngoMgqibelo ntambama, kubika i-eNCA


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.