Kuboshwe owesifazane ngezokuthumba ingane eKZN

2016-07-08 13:31

Durban - AbeFamily Violence, Child Protection and Sexual Offences Unit KwaMsane babophe owesifazane oneminyaka engu-28 ubudala endaweni yaseNkombose ngokuthumba ingane yomfana emasontweni ayisitupha adlule.

Lo wesifazane uboshwe ngemuva kokuba amaphoyisa alandele yonke imikhondo mayelana ngodaba lwalo wesifazane.

Amaphoyisa asebenze ubusuku nemini efunana nomsolwa nengane.

Lo wesifazane utholwe emndaweni yaseMkombose KwaMsane elele.

OLUNYE UDABA:  Limgojele owazama ukuthumba umfundi

Ngomhlaka-7 Julayi  2016 ngezithuba zabo-13:30 isisulu sasiyogoma ingane emtholampilo wendawo ngesikhathi umsolwa ethatha ingane kuso ngesikhathi ikhala.

Umsolwa wayilalisa ingane watshela umama wayo ukuthi uyobheka udadewabo wase esenyamalala ngemuva kwalokho. Kwavulwa icala lokuthumba emaphoyiseni aKwaMsane kwaqaliswa ngophenyo.

Ingane yatholwa isaphila yahanjiswa esibhedlela iyohlolwa isimo sempilo ngaphambi kokunikezwa abazali bayo.

Umsolwa uzovela eNkantolo yeMantshi yaKwaMsane ngoMsombuluko.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.