Kuboshwe owesifazane ngokushona kwesoka eThekwini

2017-02-01 14:30

Johannebsurg - Zimkhalele owesifazane kulandela ukushona kwendoda eneminyaka engu-23 ubudala egwaziwe.

Lesi sigameko senzeke ngeSonto kuGenoa Road eWentworth, KwaZulu-Natala, kubika iSouthlands Sun.

Ukusukuma ngokushesha kukamakhelwane okuholele ekutheni kuboshwe owesifazane oneminyaka engu-29 ubudala ngemuva kokuzwa umsindo osolisayo uqhamuka emzini wakwamakhelwane.

OLUNYE UDABA: Ubulale intombi wafonela umndeni ukuba ulande isidumbu

Lo makhelwane ophenduke impimpi yamaphoyisa utshele amaphoyisa aseWentworth ukuthi uzwe kupaka imoto ngaphandle wase ezwa umsindo wokungqongqoza emnyango. Ngemuva kwesikhashana uphinde wezwa umsindo obuphuma efulethini elisondelene nelakhe.

Ngesikhathi lo makhelwane eyobheka uthole owesilisa ephansi, opha kakhulu, wagcina ngokuwela emastebhisini.

"Amalungu omndeni wesisisulu asiphuthumisa esibhedlela, kodwa ngeshwa sashona singakangeni nokungena esibhedlela," kusho okhulumela amaphoyisa aseWentworth uCaptain Mbuso Gumede.

Lo wesifazane ugcinwe esitokisini samaphoyisa aseWentworht ngecala lokubulala.

Akucaci ukuthi yisiphi isikhali esisetshenziswe ukubulala.

Abashushisi baphenya icala lokubulala.

 - The Citizen

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.