Kuboshwe owesifazane wesithathu 'owayefunela' umfundisi Omotoso amantombazane

2018-03-23 19:27

Johannebsurg - Kuboshwe owesifazane wesithathu ngezinsolo zokufunela umfundisi waseNigeria osolwa ngokushushumbisa abantu nokudlwengula, amantombazane.

UNobubele Mlindi, 31, uboshwe ngoLwesine ngemuva kokuzinikela emaphoyiseni ophiko loKlebe iTrafficking in Person team (Tip) ePort Elizabeth.

UMlindi uvelile eNkantolo yeMantshi yasePort Elizabeth ngamacala okushushumbisa abantu ngenhloso yokubaxhaphaza ngokocansi.

OLUNYE UDABA:'Ulibulele ikusasa lamawele odumo lwama-Idols SA umprofethi oboshiwe'

UCaptain Anelisa Fani uthe uMlindi nguye owayehambe ethungatha amantombazane ezweni lonle phakathi kuka-2012 no-2016 ukuba ayohlala no-Omotoso emzini yakhe oKwaZulu-Natal. Ngaleso sikhathi wayesebenzela uMnyango wezeMpilo ePort Elizabeth.

"Kuphinde kusolwe ukuthi, kwesinye isikhathi, nguye owayephethe izinto kulo muzi. UMlindi njengamanje uhlala eMmabatho eNorth West," kusho uFani.

UTim Omotoso, 59, waboshwa ePort Elizabeth ngo-Ephreli 2017.

Ubhekene nenqwaba yamacala okuphambana nomthetho iSexual Offences Act, kanjalo nohide lwamacala okudlwengula.

Ezinye izisulu zineminyaka engu-13 ubudala.

UMlindi udedelwe ngebheyili yemali engu-R2 000 ngoLwesine.

Abanye abantu besifazane ababoshelwa icala elifana nelikaMlindi, uZukiwa Sitho, 28, noLusanda Solani, 36, nabo badedelwa ngebheyili ka-R2 000 ngoNovemba.

Bobathathu kulindeleke ukuba babuyele enkantolo kanye no-Omotoso ngomhlaka-11 Ephreli.

The Herald

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.