Kuboshwe owesihlanu kwesokucwasa ngebala ePitoli

2017-08-07 18:01

Johannesburg - Sekuboshwe umsolwa wesihlanu ngokubandakanyeka esigamekweni sokucwasa ngokwebala esenzeke esitolo esidayisa inyama ethisiwe i-KFC.

UCaptain Kay Makhubela utshele iSowetan ukuthi umsolwa uqhutshwe wummeli wakhe kubhekwe esiteshini samaphoyisa aseSinoville ePitoli.

"Okubalulekile ukuthi sekuboshwe umsolwa wesihlanu. Unikelwe ngummeli wakhe emaphoyiseni," kusho uMakhubela.

OLUNYE UDABA: Isidingo siphume phambili kulandela isiqephu sokucwasa ngokobuzwe

"Sekusele umsolwa oyedwa ogcwele amathafa."

Umsolwa oboshiwe nalo osagcwele amathafa babalekile ngemuva kokuboshwa kwabanye abssolwa ngesonto eledlule.

Abasolwa abane bavele enkantolo ngoLwesihlanu, oyedwa wabo wadedelwa ngebheyili. Abasolwa abathathu kulindelejke ukuba bafake izicelo zabo zebheyili ngoLwesihlanu luzayo.

Amagama abasolwa ngu; M Harding‚ 22‚ u-O Miller‚ 20‚ uRJ Mel‚ 39‚ noDJ van Rooyen‚ 21. UHarding kuphela odedelwe ngebheyili.

Isishaqise izakhamuzi zakuleli ivideo etshengisa amadoda angu-6 ebonakala ehlasela izithandani zebala elimnyama e-KFC enxanxathela yezitolo iKolonnade.

UJacob Sono uhlaselwe ngemuva kokuba ecele la madoda ukuba aqhubeke kancane kulayini okuthengwa kuwo ewindini lakwa-KFC. Unkosikazi kaSono, uDudu naye ushayiwe ngesikhathi eqopha isigameko.

UNgqongqoshe wamaPhoyisa uFikile Mbalula ubhale enkudleni yezokuxhumana iTwitter ukuthi la mdoda abandakanyeka ezigamekweni eziningi zokuhlasela endaweni yasePitoli. Ayezungeza ehlasela abantu abamnyama, kusho uMbalula.


 - SowetanLIVE

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.