Cape Town – Kulindeleke ukuba avele enkantolo kaMantshi eWillowvale owesilisa osolwa ngelokudlwengula owesimame.
Ngokusho kwamaphoyisa ase-Eastern Cape, lo wesilisa, 25, ubevakashele owesimame oneminyaka engu-20 ubudala ekhaya lakhe eNqadu ngoLwesine.
Kuthiwa lo wesilisa wacela ukuba lo wesimame amuphelezele ebusuku ngo-23h00.
OLUNYE UDABA:Kugwazwe kwabulawa owesimame emzini wakhe
“Endleleni umsolwa wahudula lo wesimame wayomfaka endlini yakhe ngenkani nokuyilapho amdlwengulela khona,”kusho uKaputeni Jackson Manatha.
Kulindeleke ukuba umsolwa avele eNkantolo ngoMsombuluko.