Kuboshwe owesilisa ngokuphonsa amatshe kuthela wayeka uN3

2018-02-18 14:02

eThekwini -  Kubonakale ingqubekela phambili ophenyweni lwamaphoyisa mayelana nabasolwa abajikijela izimoto ngamatshe kuthela wayeka.

Kuboshwe owesilisa oneminyaka engu-26 ubudala ngokujikijela amatshe ngasebhulohweni iTollgate eBerea.

Amaphoyisa akholwa wukuthi lo msolwa uyabandakanyeka kwamanye amacala afanayo.

OLUNYE UDABA:Kumile ukufunda esikoleni abafundi befuna kubuyiswe uthisha wabo

Ukuboshwa kwalo mlisa kulandela izigameko ezimbili zokushaywa kwezimoto ngamatshe khona kuleli bhulohwe.

Abantu abathathu abazibonele ngawabo babambe lo msolwa bamgcina kwaze kwafika amaphoyisa.

ULaphale Mbusu, uthi bekasendleleni eya endlini yakhe eSeaview, ehamba ngemoto yohlobo lwe-VW Polo, ngesikhathi ehlaselwa ngetshe.

"Bengishayela ngisendleleni eya endlini ekuseni ngo-6h00 ngesikhathi kwenzeka lokhu. Itshe elilingana nebhola lishaye iwindi langaphambili, ngenhlanhla ngikwazile ukuyilawula imoto futhi angizange ngilimale,"kusho yena.

Uthi ngesikhathi ekhiphela imoto yakhe eceleni komgwaqo ubone iveni ye-Isuzu nayo ihlaselwa yinguzunga yetshe.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/Africa
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.