Kuboshwe owesilisa ngokuthumba izingane ezimbili

2017-09-21 18:00

Port Elizabeth -Kuboshwe indoda eneminyaka engu-49 ubudala esolwa ngokuthumba idlwengule amantombazane amabili, eneminyaka engu-5 neneminyaka engu-6 ubudala, emjondolo yaseChris Hani, eNew Brighton, ePort Elizabeth.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Andre Beetge, uthe abazali bala mantombazane babika ukuthi adukile ngoLwesithathu ebusuku ngemuva kokungabuyi emakhaya kwaze kwashaya izithuba zabo-18:00. Agcina ukubonakala edlala khona endaweni eChris Hani.

Amaphoyisa alusukumela udaba aqala afuna la mantombazane khona endaweni, kwathi ngezithuba zabo-23:00, kwengezwa amanye amaphoyisa ophiko lwe-SAPS ezinja, i-K9 nawasemoyeni.

OLUNYE UDABA:Kudlwengulwe umfana, 10, eF State

UBeetge uthe la mantombazane ayefunwa umuzi nomuzi khona endaweni.

"Amaphoyisa aze athola enye yamantombazane, 6, ingemuva kwaseChevrolet Stadium sekushayel ngisho u-00:00," kusho uBeetge.

"Le mntombazane itholwe ilimele futhi inamanxeba okugwazwa ekhanda nasemzimbeni, yaphuthunyiswa esibhedlela iDora Nginza.

"Le ntombazane ikwazile ukukhuluma yaholela amaphoyisa komunye umjondolo oseChris Hani, lapho okutholakale khona le enye intombazane, 5, nomsolwa, 49, ngezithuba zabo-04:45. Imiphumela yokuhlolwa kwala mantombazane iveza ukuthi womabili adlwenguliwe."

UBeetge uthe umsolwa uboshiwe. Uzothweswa icala lokuthumba, ukuzama ukubulala nokudlwengula.

Uzovela eNkantolo yeMantshi yaseBrighton ngoLwesibili oluzayo.



 - ANA

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.