Kuboshwe oyedwa, omunye washaywa waze washona ngezinsolo zokubulala

2017-06-05 12:30

Johannesburg - Kuboshwe indoda eneminyaka engu-35 ubudala enye yathelwa isibhaxu yaze yashona ngezinsolo zokubulala iphoyisa eLetlhabile eduzane naseBrits, kusho amaphoyisa aseNorth West ngoMsombuluko.

"Ukuboshwa kwale ndoda kuze ngemuva kokuthungathwa ngamaphoyisa kulandela isigameko sokubulawa kwephoyisa uConstable Samuel Hlongwane, 35, nokubanjwa inkunzi komngani walo ngezithuba zabo-21:00 eLetlhabile eduzane naseBrits ngoLwesihlanu wangomhlaka-2 Juni," usho njalo.

La basolwa abathathu babamba umngani waleli phoyisa inkunzi bemphuca imoto yohlobo lwe-BMW.

OLUNYE UDABA: Usesibhedlela ozame ukuduna imoto yamaphoyisa

Leli phoyisa elalingasebenzi ngosuku lwesigameko lalihamba emgwaqeni omkhulu oseLetlhabile ngesikhathi kuqhamuka umngani walo owayehamba ngemoto yohlobo lwe-BMW, wama baxoxa nalo.

"Kuthe besaxoxa kwaqhamuka amadoda amabili angaziwa abakhomba ngezibhamu. Nakuba leli phoyisa lakwazi ukukhipha isibhamu salo somsebenzi, abasolwa balidubula engalweni nasekhanda. Phezu kokudubula liziphindiselela ngaphambi kokushonela endaweni yesigameko kusolwa ukuthi lakwazi ukudubula oyedwa wabasolwa engalweni nasemlenzeni."

Kuthiwa umsolwa wesithathu wafika ngemoto esozathatha umsolwa olimele wayomshiya emtholampilo waseLetlhabile omunye umsolwa wabaleka nemoto kamngani wephoyisa owayelimele. Abasolwa baphinde bathatha nesibhamu saleli phoyisa.

Abashayeli bamatekisi ababona isigameko bakwazi ukulandela imoto yabasolwa baze bafika emtholampilo beyilandela lapho okusolwa khona ukuthi bashaya umsolwa owayelimele waze washona.

Amaphoyisa akwazi ukuthola imoto eyebiwa kanye neyabasolwa ngoMgqibelo.

"Ukuthungathwa komsolwa wesithathu kusaqhubeka kanti oboshiwe kulindeleke ukuba avele namuhla eNkantolo yeMantshi yaseBrits ngecala lokuduna nokubulala."

- The Citizen

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.