Kuboshwe ubaba ngesidumbu somfana owatholakala engenazo izindebe

2016-05-13 10:03

Johannesburg – Ubaba wengane yomfana eneminyaka engu-12 ubudala etholwe isishonile ehlathini eKagiso, eKrugersdorp ngesonto eledlule uboshiwe ngokubandakanyeka esigamekweni sokubulawa kwalo mfana.

Lo mfana utholwe eshumpulwe izindebe ngemuva kokuba izakhamusi sikhombe amaphoyisa ehlathini eliphakathi kwaseSwaneville naseRietvallei.

OLUNYE UDABA: Kuboshwe ubaba nendodana ngengadi yensangu

UWarrant Officer Solomon Sibiya uthe kuboshwe indoda eneminyaka engu-47 ubudala ngoLwesithathu ebusuku.

"Ngesikhathi amaphoyisa ephenya ilungu lomphakathi elingaziwa labikela amaphoyisa ngemininingwane eholele ukuthi kuboshwe umnsolwa kwakhe, emzini oseRietvallei EXT 23," kusho uSibiya esitatimendeni.

Le ndoda igcinwe esitokisini samaphoyisa aseKagiso njengoba kusaqhubeka uphenyo.

Ngesonto eledlule iNews24 ibike ukuthi kutholakale isidumbu sikaBanele Bendile oyisakhamuzi sase-Orlando, eSoweto.

Isidumbu besinamanxeba amabi esihlathini. 

Ngesikhathi amalungu omndeni ebuzwa ukuthi kungani engazange abikele amaphoyisa ngokuduka kwalo mfana athi lo mfana ubegula ngokwengqondo kanti ubenokuhamba ekhaya aphinde azibuyele.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.