Kuboshwe udokotela ngokubulala nokugqiba abangu-6

2016-08-16 17:32

Mumbai - Amaphoyisa abophe udokotela entshonalanga naseNdiya ngezinsolo zokujova abulale izabantu abangu-6 mase ebagqiba epulazini lakhe, kusho amaphoyisa ngoLwesibili.

USantosh Pol uboshwe edolobheni elikwisiFunda saseMaharashtra bngesonto eledlule ngesikhathi amaphoyisa ephenya ukunyamalala kwesisulu esisodwa.

OLUNYE UDABA:  Zimkhalele 'osho sakudlala' ukuthi ubulale izingane zakhe

"UPol uthe usebulale abantu abangu-6 kubalwa abesifazane abahlanu owesilisa oyedwa. Sesithole izidumbu ezine epulazini lakhe  nesisodwa kwenye indawo," kusho owamaphoyisa uPadmakar Ghanvat etshela i-AFP.

"Lo dokotela ulokhu eshintsha isitatimende sakhe njalo uma ephoswa imibuzo okwenza kube nzima ukuba sithole imbangela yezigameko," kusho uGhanvat.

Zonke izisulu zaduka edolobheni laseWai okungamakhilomitha angu-230 eningizimu neMumbai eminyakeni embalwa eyedlule. Kodwa akwaziwa ukuthi lezi zisulu zihlanganiswa yini nalo dokotela.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Most Read
News In Your Area
Top Lifestyle
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.