Kuboshwe umakhwapheni ngokweba ingane nemoto yesoka

2017-01-20 11:37

Johannesburg - Umakhwapheni wendoda eshadelwe uboshiwe ngezinsolo zokuthumba indodakazi, 5, yesoka lakhe wabaleka nayo kanye nemoto yesoka waya KwaZulu-Natal.

Intombazanyana kanye nemoto batholakale e-KZN.

Owesifazane uboshwe ngoLwesithathu olwedlule erenki yamatekisi eSiphingo.

Ubaba wengane kuthiwa wathola imali yebhonasi washiya umkakhe kanye nezingane ekhaya, wayohlala nomakhwapheni.

Umama wengane, uNobuhle Dlamini, 27, utshele iDaily Sun ukuthi:  “Ngelinye ilanga wangifonela wathi ufuna sihlangane ukuze ezonginikeza imali kaKhisimusi. Kodwa kuthe uma ngifika lapho kwakumele sihlangane khona, ngamthola enomunye wesifazane. Ngamshiya khona lapho kanye nengane ngaya ekhaya.”

OLUNYE UDABA: UNgqongqoshe ukhala ngodokotela amaqhenyela umsebenzi

UNobuhle uthe imoto yomyeni wakhe yafa endleleni, kwaphoqeleka ukuba ingane nemoto akushiye nomakhwapheni enxanxathelen yeziotolo eHoneydew.

Kuthe uma esebuya ngokuhamba kwesikhathi, umakhwapheni wayengasabonwa nengane kanye nemoto.

UCaptain Xoli Mbele, okhulumela amaphoyisa aseGoli, uthe abaseshi babophe owesifazane oneminyaka engu-25 ubudala ngecala lokweba ingane.

“Ubaba wengane wabikela amaphoyisa ngomhlaka 21 Disemba ngokunyamalala kwengane.”

UMbele uthe umsolwa uzovela eNkantolo yeMantshi yaseGoli maduzane.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.