Kuboshwe umculi ngokusabalalisa izithombe zakhe eqimbile

2018-04-18 07:31

Dodoma - Kuboshwe intandokazi yomculi waseTanzania uDiamond Platnumz ngokushicilela izithombe "eziyihlazo" ezinkundleni zokuxhumana, kusho uNgqongqoshe wezoLwazi etshela iPhalamende ngoLwesibili.

Kusukela ngoMsombuluko, kuzungeza izithombe ezinkundleni zokuxhumana ezitshengisa lo mculi oneminyaka engu-28 ubudala, egqimbile esembhedeni nowesifazane.

"Phakathi kwabaculi esinabo, sekukhona labo asebeqala ukusabalalisa "izinto ezishayisa ngamahloni" ezinkundleni zokuxhumana," kusho uHarrison Mwakyembe.

OLUNYE UDABA:Umculi wodumo ubize uMalema ngesigebengu

"Izolo kuboshwe umculi oyintandokazi yeningi uDiamnond Platnumz, njengamanje uphoswa imibuzo ngezithombe azisabalalise ezinkundleni zokuxhumana," kusho ungqongqoshe.

"Izinkundla zokuxhumana aziwona umgqomo kadoti. Izwe lethu linamasiko," usho kanje, wananela ngokuthi lo mculi uzobhekana nengalo yomthetho ngalesi senzo sakhe.

UDiamond Platnumz, ogama lakhe lokuzalwa nguNaseeb Abdul Juma, ungomunye wabaculi abadumile eTanzania.

 - Instagram:


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.