Kuboshwe umfana, 17, olimale kugetshengwa imoto yemali

2017-10-22 15:30

Cape Town - Umfana waseKapa uboshwe ngemuva kwesigameko sokudubulana nonogada kubanjwa imoto yemali, kusho uphiko loKlebe ngeSonto.

"Lo mfana oneminyaka engu-17 ubudala uboshwe ngoMgqibelo ekuseni ngemuva kokuzama ukubamba imoto yemali ngasesiteshini sesitimela eKhayelitsha," kusho okhulumela oKlebe uCaptain Lloyd Ramovha.

Uthi le moto yemali ibisesiteshini eNolungile ekuseni onogada beyolanda imali.

"Ngesikhathi onogada bebuyela emotweni, kuqhamuke abasolwa abahlanu abebehlomile bavulela ngenhlamvu konogada."

Onogada nabo baziphindiselile abasolwa babaleka belibangise ngaserenki yamatekisi.

OLUNYE UDABA:Amaphoyisa aphenya ngobugebengu eGlebelands athole isibhamu

Amaphoyisa, oKlebe baphuthume kule ndawo bethungatha laba basolwa, kwaboshwa oyedwa.

"Utholakale ngaserenkeni elimele kabi ngenxa yokudutshulwa futhi eduze kwakhe bekunesibhamu esinezinhlamvu."

Lo msolwa kulindeleke ukuba avele phambi kweMantshi yaseKhayelitsha ngamacala okuzama ukugebenga, ukuzama ukubulala kanye nokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.