Kuboshwe umfana ngokubulawa kwabazali bakhe kanye nodadewabo

2018-01-02 09:30

New Jersey — Umfana oneminyaka engu-16 ubudala kuthiwa ubehlome nge-rifle ngesikhathi edubula ebulala abazali bakhe, udadewabo kanye nomngani ekhaya kubo, kusho amaphoyisa.

UMshushisi uChris Gramiccioni ngoMsombuluko uthi lo mfana uzobekwa amacala amane okubulala kanye nelinye icala lokuphatha isikhali ngemuva kwesigameko esenzeke ngeSonto ebusuku sekusele amahora ambalwa kunqanyulwe unyaka edolobheni laseLong Branch.

Inhloso yokuhlaselwa kwalo mndeni ayikacaci kahle okwamanye kodwa isibhamu esisetshenzisiwe kuthiwa sibhaliswe ngaphansi kwelungu lalo mndeni.

Igama lalo mfana alikadalulwa njengoba kungaziwa noma usekwazile ukuthola ummeli.

OLUNYE UDABA: Uboshelwe elezidakamizwa osolwa ngokuqotha umndeni

Abashonile abazali balo mfana uSteven Kologi, 44, uLinda Kologi, 42; udadewabo uBrittany,18, kanye noMary Schultz, 70, obehlala nalo mndeni.

UGramiccioni uthe amaphoyisa aphuthume kulo muzi ngemuva kokuthola ucingo ngokuzwakala kwesibhamu siqhuma kuleli khaya ngeSonto.

Amaphoyisa afike kule ndawo athatha lo mfana ayomgcina ezitokisini futhi akazange awanike inkinga amaphoyisa ngesikhathi emthatha.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.