Kuboshwe umfana,16, ngokushisa isikole

2017-01-18 08:00

Tshitale -  Kuboshwe umfana oneminyaja engu-16 ubudala eTshitale, ngaphandle kwaseVuwani ngemuva kokushiswa kwezikole ezimbili endaweni, kusho amaphoyisa aseLimpopo ngoLwesibili.

IVari Primary School ishiswe ngeSonto kanti iDenga Secondary School yona ishiswe ngoMsombulumo ebusuku.

Okhulumela amaphoyisa uBrigadier Motlafela Mojapelo uthe umfana oneminyaka engu-16 ubudala uboshwe ngoMsombuluko, ngecala lokushiswa kweVari Primary School.

OLUNYE UDABA: Usashaqekile umndnei wengane eyanephuzwa yinja yashona

“Umfana uboshwe ngoMsombuluko kanti kumanje sithungatha abanye abasolwa esizobabopha eTshitale namaphethelo.

“Ababhikishi abasabonwa manje endaweni nokusho ukuthi kumele sishintshe amaqhinga okusebenza,” kusho uMojapelo.

UMojapelo uthe kuvulwe icala lokushisa kanti amaphoyisa ayaphenya.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.