Kuboshwe umfundi, 15, ngokugwaza abulale omunye e-KZN

2016-11-11 10:00

Durban - Kugwazwe kwabulawa umfundi oneminyaka engu-17 ubudala obenza uGrade 11 esikoleni samabanga aphezulu iNkosi Mgwazeni High esiseMtubatuba, KwaZulu-Natal, phambi kwabanye abafundi nothisha ngoLwesithathu.

Kusolwa ukuthi lo mfundi ugwazwe ngemuva kwengxabano okusolwa ukuthi ihlobene neyokugwazana kwabafundi bezigodi ezahlukene.

Ngokombiko weSolezwe uThembinkosi Mlungwana onguSihlalo webhodi elengamele isikole uthe sekunesikhathi kunokungaboni ngasolinye phakathi kwabafundi bezigodi ezakhele le ndawo okungesakwaSomkhele nokuyilapho lesi sikole sakhiwe kuso nesaseDolomba.

OLUNYE UDABA: Kubulawe umfundi ngaphandle kwamasango esikole e-KZN

UMlungwana uphinde wathi ukungezwani kwabo akwaziwa ukuthi kusukelaphi njengoba engekho noyedwa ofuna ukusho ukuthi yini le ebangwayo.

Ubaba kamufi uMhlabunjani Ndawonde ubengakwazi nokukhuluma ngesikhathi abephephandaba bexhumana naye mayelana nodaba.

UNdawonde uthe babhekene nobunzima ekhaya njengoba bengazi bazothathani bahlanganise nani kanti futhi akakholwa ukuthi umfana wakhe ubulawe ngenxa yokungezwani kwezigodi.

"Ngikholwa wukuthi sikhona esinye isizathu sokugwazwa kwendodana yami."

UCaptain Nqobile Gwala okhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal uthe kuboshwe umfundi oneminyaka engu-15 ubudala ngelokugwaza abulale.

Imbangela yokubulala iyaphenywa.

UMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal uthumele abaluleki ukuze beyokweluleka ngokomqondo abafundi bakulesi sikole.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.