Kuboshwe umholi we-EFF ngokumema abantu ukuba bawudle ngodli umhlaba

2017-01-29 18:05

Nelspruit – Amaphoyisa aseMpumalanga abophe umholi we-EFF kanye namalungu eqembu lakhe ngamacala okuvusa uthuthuva emphakathini.

Laba bafaka isimemezelo enkundleni yokuxhumana u-Facebook betshela abantu ukuthi abayohlala ngenkani emhlabeni olawulwa uMasipala ngaseWhite River.

Abantu baphume ngobuningi babo ngeSonto ekuseni beze kule ndawo  futhi bebephethe namathuluzi okuzakhela imijondolo yesikhashana.

OLUNYE UDABA:Kuphume nesinedolo emkhankasweni we-EFF

Ngokusho kwamaphoyisa, abantu abebelapha bebengazi ukuthi uMasipala waseMbombela wakhipha isixwayiso sokuthi bazoboshwa abazofaka imijondolo yabo kule ndawo ngaphandle kwemvume.

Ngemuva kokuxoshwa kwalaba bantu kule ndawo, amaphoyisa abambe abaholi ababili beqembu le-EFF nokuyibona abaqale yonke le nyakanyaka kule ndawo.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.