Kuboshwe umshayeli obelayishe izingane zesikole, ephuze utshwala

2017-09-04 18:00

Johannesburg - Uboshelwe ukushayela ecwile ezinkambini zikaFaro umshayeli wetekisi obelayishe izingane zesikole ngemuva kokuba kutholakale ukuthi utshwala obusegazini bungaphezu kwesikali esibekiwe ngesikhathi efuthiswa.

UWayne Minnaar wamaphoyisa omgwaqo, uthe umshayeli uboshwe eSoweto namuhla (ngoMsombuluko) ekuseni.

"Amaphoyisa omgwaqo abophe umshayeli wetekisi ngokushayela edle amanzi amponjwana eSoweto, namuhla ekuseni kwatholakala ukuthi izinga lotshwala emzimbeni lungaphezu kwaleli elivumelekile ngokuphindwe kasithupha."

OLUNYE UDABA:'Ubemanzi te' obeshayela edle amponjwana - Umbiko

Lo ngumshayeli wesibili ukuboshelwa ukushayela ephuze utshwala futhi elayishe izingane zesikole, eSoweto.

Ngesonto eledlule kwaboshwa indoda eyayilayishe izingane ezingu-14 zesikole ngemuva kwathi uma ihlolwa kwatholakala ukuthi icwile ezinkambeni.

Kulesi sigameko umshayeli waboshwa wabe esebekwa icala lokushayela budedengu ephuze utshwala.

Kwalimala izingane ezingu-13 kulesi sehlakalo.

Iziphathimandla zithi le moto ayethwele ngayo abafundi abangu-14 yenzelwe ukuthwala abantu abayisishiyagalombili kuphela.

 - EWN


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.