Kuboshwe umsolwa kwelokubulala ehostela lodumo eMlazi

2017-08-24 16:01

Durban - Kuboshwe umsolwa ngokubandakanyeka ecaleni lokubulawa kowesifazane ehostela lodumo, iGlebelands eThekwini ngenyanga edlule.

Umsolwa, 31, uboshwe namuhla ekuseni ngesikhathi amaphoyisa eqhuba umsebenzi wawo.

Isisulu, 52, uS'bongile Mtshali, sadutshulwa sabulawa eduzane naku-Block 46, ngobusuku bangomhlaka-26 Julayi.

OLUNYE UDABA:Sekuphinde kwabulawa omunye umuntu ehostela laseMlazi

UMtshali ubenesitolo egumbini lakhe kuleli hostela.

Lo wesifazane wabulawa ngobusuku okwabulawa ngabo indoda eneminyaka engu-32 ubudala ebihlala ku-Block P nayo ebinesitolo ngaphakathi.

Lo msolwa kuzobhekwa ukuthi akathinteki yini kwamanye amacala enzeka kuleli hostela elidume kabi.

Uzovela eNkantolo yeMantshi yaseMlazi uma esebekiwe icala.

Lowo oyibamba likaKhomishana wamaPhoyisa esifundazweni, uMajor General Bheki Langa, uwashayele ihlombe amaphoyisa ngomsebenzi wawo omuhle wokubopha abenzi bokubi.

"Kubalulekile ukuthi umphakathi usebenzisane namaphoyisa, siyanxusa ukuthi uqhubeke nokubambisana nawo ngokuthi ubike ngezigameko zobugebengu ezenzekayo."


 

- Newswatch

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.